p, ul { font-family: Arial, Helvetica, sans-serif; font-size: 10pt }
.header { font-size: 12pt; font-weight: bold }
.byline { font-style: italic }

Traditional Leadership

Ubukhosi bendabuko lapha e-South Africa buyadida, ngokuthi uthola isibongo sisinye sibenamaKhosi ngaphezu kweyodwa. Ngiyaye besengizibuza ukuthi kanti ubukhosi kuyaphiwana yini bona?

Ngokwazi kwami iNkosi iyiNkosi ngokoselwa, loko okuchaza ukuthi lezizibongo ezinobukhosi kumele isibongo ngasinye sibeneNkosi eyodwa. Uma kwenzeka kanje kuyobe kubuyiswa ubuKhosi bangempela hhayi lento ekhona njengamanje.

Okwenzekayo uthola abakwaMkhize beneshumi lamaKhosi kube kubonakala kodwa ukuthi ikhona ngokokudabuka indlu enkulu okufanele ithathe ubukhosi bakwaMkhize. Angeke singene kakhulu embangweni yemindeni eyayihlakaza yaze yama njengoba kunje namuhla.

Isixazululo ukuthi isibongo esibangayo esihluleka ukukhipha iNkosi eyodwa, ngoba sehlulwa ukukhomba indlu enkulu kumele lesosibongo sibizwe sonke sivotele umuntu oyekwa ozothatha ubuKhosi, ngoba akukaze kuthi esibongweni esisodwa bonke abantu babe ngamaKhosi.

JP Phungula, MP

Contact: 021 403 3107