Somkhanda Game Reserve - T L Mahlaba
6 November 2007
ISomkhanda Game Reserve, esenyakatho ne KwaZulu-Natal, ingeyomphakathi wakwaGumbi owathola lomhlaba ngemva kokuphumelela kwesicelo sawo sokubuyiselwa umhlaba ngaphansi kohlelo lukaHulumeni lweLand Restitution Programme.
Ngolwesine olwedlule kuqopheke umlando ngenkathi iSomkhanda Game Reserve iba yisiqiwi sokuqala somphakathi ukwakha ubambiswano neWorld Wildlife Fund.
Njengengxenye yalolubambiswano, Ezemvelo KwaZulu-Natal Wildlife Black Rhino Range Expansion Project inikele ngoBhejane abayishumi nanye (11) kwiSomkhanda Game Reserve.
Lesi yisinyathelo esihle kakhulu ekugqugquzeleni ukongiwa kwezemvelo ngokubambisana. Siyamncoma uHulumeni kaAfrican National Congress ngemizamo yakhe yokwakha izwe elinokuthula, lapho bonke abantu bebamba iqhaza ekuphatheni izwe kanye nomnotho walo.
T L Mahlaba
ANC Member of Parliament
For more information:
021 403 2672